                                     14

                              IMFUNDO NGEMVELO

                                NOKUQEQESHA

                                  

Lombiko wenze imibono ngokuthi singayivikela kanjani imvelo yethu. Kodwa
asinabo abantu abalingene abaqeqeshelwe lapha eNingizimu Afrika abazokwenza
konke lokhu. Ngenxa yobandlululo abantu abamnyama base Ningizimu Afrika
abazange bathola imfundo efanele. Maningi amaningizimu Afrika abangakwazi
ukufunda. Uhulumeni omusha ufanele ukuqala umkhankaso wokufundisa abadala
nezingane. Bafanele ukuqeqesha abantu esibadingayo ukuvikela imivelo.

Kuyothatha iminyaka eminingi ukuqeqesha abantu esibadingayo ukuvikela
imvelo. Kuyothatha iminyaka eminingi ukuthi izikole ziqale ukufundisa
ngokwemvelo.

Ezikoleni zethu zifanele ukufundisa ngoxwayiso kanye nokufakwa kwezemvelo.
Izingane zanamuhla yibona abazokwenza izinqumo zelizwe esikhathini esizayo.
Bafanele ukuqondisisa ezemvelo ukuze bakwazi ukuthatha ezinqumo ezifanele.

Esikhathini esedlule, imfundo ngezemvelo kwakuqondene nokuvikelwa kwezimila
nezinyamazane. Kakhulu kwakufundiswa ngendlela ewukuthi uthisha nguyena
onolwazi owazi zonke izimpendulo abafundi bona bengazi lutho.

Kodwa kukhona indlela entsha yokufunda ngezemvelo. Ngalendlela,abafundi
bazitholela izimpendulo ngokwabo. Abalindeli uthisha ukuba abatshele
okulungile nokungalungile.

Ukufundiswa kwamvelo ezikoleni ezincane neziphakeme

Abanye abantu bathi ukufundiswa kwezemvelo makuhlukaniswe kwezinye
izifundo. Kanti abanye bathi ezemvelo mazibe ingxenye yezinye izifundo
njenge English, History, Geography, Art. Inkinga ekhona manje ukuthi
kabekhona othisha abaqeqeshelwe isifundo zemvelo. Kufanele ukuba othisha
baqeqeshwe kuqala.

Umthetho wokuqala wokufundisa ezemvelo waqanjwa yi-EEASA. Kwabakhona
nabantu abaningi kuleli. Kwase kubakhona imibono ekufundiseni kwemvelo.
Babonisana ngalokhu.

   * Ukufundiswa kwezemvelo kufanele kufakwe nakwezinye izifundo.

Ngokwesibonelo, kwezomlando, izingane kufanele zibone ukuthi zemvelo
zingashintsha kanjani umlando. Kwilimi lesingisi kufanele ukwazi ukubhala
izinkondio nezindaba.

   * Ezikoleni kufanele ezemvelo zihlukaniswe izigaba ezintathu. Okukuqala
     ukufundiswa kwezemvelo ezikoleni ezingama Primary. Okwesibili imfundo
     yokusapota impilo kusikole esiphakathi. Okwesithathu kusigaba
     esiphakeme kufanele ezemvelo, amacebo okufundisa kwezemvelo,
     ukuthuthukisa impilo yomphakathi nomthetho wokulondoloza imvelo.

   * Abafundi bafanele ukungenela ezemvelo ngaphandle kwesikole.

Izifundo ngezemvelo ezikoleni zifanele zibenokufunda ngokwesiko labantu.
Abafundi bafanele babheke amasiko abanye abahlukahlukene ukuthi izingcebo
zemvelo zaziphathwa kanjani. Lokhu kufanele kufakeleiwe nokuthi abansundu
bona babephatha kanjani izingcebo zemvelo zabo esikhathini esadlula.

Imfundo nokuqeqeshwa ngemvelo emayunivesi nakumateknikon

INingizimu Afrika idinga ososayensi, onjinela, njezisebenzi ezinolwazi
abazosebenza ezimbonini. Sifuna abamnyama kanye nabesifazane bayokufundela
lezizifundo. lzifundo eziningi ezifundiswa emayunivesi zifanele ukuguqulwa
ukuze zingenise nezemvelo. Isibonelo, ososayensi nososayensi bezomnotho
bafanele bafunde ngemisebenzi yabo phezu kwemvelo.

Sifanele ukwenzangcono izinhlelo zethu ngezamanzi , okulahlwayo,
nokuguquleka komhlaba. Sifanele ukuhloma izinhlelo ezintsha zokuqeqesha
abahloli abazobhekana namanzi, umoya kanye nokungidiswa kwakho konke.
Uhulumeni ufanele ukuqala ukuqeqeshwa kwabasebenzi bakhe, ukuze bakwazi
ukuvikela imvelo kangcono. Sifanele ukufunda kwamanye amazwe ngokuthi
baqeqeshwa kanjani abantu esibadingayo.

Loluqeqesho lungafakelela:

   * Uqeqesho emsebenzini nezifundo ngokuphathwa kwemvelo.

   * Ukuthunyelwa ngaphadle ukusebenza khona isikhashana. Abasebenzi abasha
     bakahulumeni bangathunyelwa emazweni engaphandle ukuyosebenza khona
     ukuze bafunde ngokuvikela imvelo,kanye.

   * Ukuvakasha okufishane kongqongqoshe nezinye izikhulu emazweni
     angaphandle ukuze bafunde ukuthi wona ayivikela kanjani imvelo yabo.

Isifundo emsebenzini

Abasebenzi bangasiza ukuvikela imvelo, bangabheka ukuba izimboni ziyawephula
umthetho noma aziwephuli. Kodwa izisebenzi zidinga uqeqesho nemfundo
ukukwenza Izinhlelo zokufunda ngezemvelo zifanele ukuthuthikiswa. Ukuphepha
kwezisebe kanye neziphathiswa zokuphepha bafane babe yiziphathiswa zempilo,
ukuphepha nemvelo. lesisibiko sabo sifanele sibe yingxenye yesibiko
senkampani ngokwezemvelo.

Umgidingo

Kusafuneka imigidingo eminingi ngezabantu bakuleyondawo bafanele ukuthi
isigaba kulemigidingo. Ulwazi lwabo ngendawo yabo kufanele ukuhloniswa.
Bafanele babe yingxenye yombiko wabo kumhlangano yokugindinga.

Imfundo ngemvelo ngaphandle kwezindonga zesikolo. Lezizifundo mazingapheleli
emagumbini esikole. Izimfundo ngemvelo kufanele ukunikeza abantu amandla
okuqondisisa umphakathi wabo kanye nalap abasebenza khona. Ifanele
ibanikeze amandla okuthatha ezinyathelo ukwenza ngcono izimpilo zabo.

Ukuxwayiswa ngemvelo nemfundo kufanele kuncike olwazini lomphakathi
wakuleyonda ngemvelo. Ifanele ukusiza umphakathi ukuxazuiuia izukinga zako
ezimayelana namvelo. Izifundo ngemvelo zifanele ukusiz imiphakathi
ukuthatha isigaba ngokuthathwa kwezinqumo ngezemvelo ezithinta izimpilo
zabo ngemihla. Imiphakathi ibenakho ukulonda ikhwalithi yemvelo yethu.

Abantu abayizicebi bafundiswe ukuthi impilo yabo iyona kanjani imvelo. Uma
abantu besebensiza amanzi, iphepha, ugesi, kanti futhi uma bethenga
okuningi belahla, lokho kuthinta imvelo yabo.

Imihlangano okungezonazenzu nezingezo zikakulumeni zifanele ukusiza
ngokufundisa imiphakathi namafektri ngezemvelo.

Izindawo zasemakhaya zokuqeqesha fanele zenziwe njengoba kusho iRDP.

Lezi zingakhuphula izinga lokuvakashela ukulawulwa kwezingcobo zemvelo,
ukulawula izindawo zabavakashi, kanye nobuciko obudingekayo bokwenza imali.
Lokhu kuyosiza imiphakathi yasemaphandleni ukuthuthuka.

Izifundo ngempilo zingenziwa ngokusebenzisa abazempilo, amanzi nje.

Imfundo ngempilo ibekhona komame, ikakhulu abamnyama. Omame bona bakhuthele
kwezomphakathi ngemvelo ethinta imindeni yabo.

Ukutholakala kwemali yezifundo ngemvelo imibono yonke ebekuvela lapha iyodingwa
Uhulumeni omusha ufanele ukuthola imali yakho konke lokhu. Kubalulekile
ukuba sifundise bonke abantu ngezemvelo.

Ukunconywa

  1.Ezikoleni ezingamaphulayimali namasekondali izifundo zibe:
        o Izifundo ngemvelo njengenxe yazozonkwe izifundo.
        o Izigaba ezintathu zohlelo lwezemvelo:

(i) izifundo ngemvelo emaphulayima

(ii) izifundo ngemvelo eqotho eziko eziphakathi, kanti

(iii) isifundo esizimela esekondali eliphakeme.

   * ukuthatha isingaba ngezemvelo emphakathini.

2. Emayuvesi namateknikhoni:

   * isifundo sesayensi sibe nemfundo ngemvelo
   * amakhosi ethikniki ngamazi nokulawulwa kokulahlwayo, nokulondwa
     kwenhlabathi kulungiswe
   * abafundi abaningi bafundiselwe wona baqeqeshwe ukuba ngososayensi
     bemvelo nobunjineli.

3. Ukufunda nokuqeqeshwa endaweni yokusebenza:

   * izimboni zisungule amakhosi ezempilo, ukuphepha nemvelo zabasebenzi
   * abasebenza kuHulumeni baqeqeshelwe imvelo.

4. Imfundo nje:

   * iprogramu inokwenza oluqondene nemvelo fanele liqalwe nguhulumeni
     ukwexwayisa nemfundo nguhutumeni isebe eliphulayivethi kanye
     nezinjinela ezingo NGO.

5. Ubulili:

   * kufanele kubenomzamo nokwenza ukuthi abesifazane, ikakhulu abamnyama
     bakwazi ukufunda ezemvelo emazingeni wonke.

6. Umgindingo:

   * uhulumeni ufanele ufunde izindingo okuyizona zokufundisa ngemvelo.

  ------------------------------------------------------------------------
Okuphakathi
